Izaga 26:17-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Odlula nje ehlanganyela ukuxabana okungesikho okwakheunjengobamba inja ngezindlebe zayo.

18. Njengohlanya oluphonsa izikhuninemicibisholo ebulalayo,

19. unjalo umuntu okhohlisa umakhelwane wakhe,ethi: “Angithi ngintelile nje na?”

20. Ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka,nalapho kungekho abancethezi, kuyabodla ukuxabana.

21. Njengamalahle othuthwini nezinkuni emlilweni,unjalo umuntu ophikisa ukuvusa inkani.

22. Amazwi omncethezi anjengesibiliboco:ayehlela kokuphakathi komuntu.

23. Izindebe ezishisayo nenhliziyo embikunjengesitsha sebumba esinamekwe ngamanyela esiliva.

24. Ozondayo uyazenzisa ngezindebe zakhe,ubekelela inkohliso enhliziyweni yakhe.

25. Lapho enza izwi lakhe libe mnandi, ungakholwa nguye,ngokuba kukhona izinengiso eziyisikhombisa enhliziyweni yakhe.

26. Noma inzondo yakhe isibekelwa ngenzondo,ububi bakhe buyakwambulwa ebandleni.

Izaga 26