7. Ngokuba kungcono ukuba kuthiwekuwe: “Yenyuka lapha,”kunokuba wehliswe phambi kwesikhulu asesibonile amehlo akho.
8. Ungasheshi ukuphuma ukuyophikisanaukuba ungazi ukuthi uyakwenze njani ekugcineni,lapho umakhelwane wakho ekuhlazisile.
9. Mela indaba yakho nomakhelwane wakho,ungambuli imfihlakalo yomunye,
10. funa okuzwayo akuhlazise,nodumo lwakho lungabuyi.
11. Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyisolinjengama-apula* asezitsheni zesiliva.
12. Njengecici legolide nesivunulo segolide elicwengekileyo,unjalo umsoli ohlakaniphileyo endlebeni elalelayo.
13. Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvuna,sinjalo isithunywa esithembekileyo kosithumileyo,ngokuba siyahlumelela inkosi yaso.
14. Njengamafu nomoya ngaphandle kwemvula kodwa,unjalo umuntu ozidumisa ngesipho angasiphiyo.
15. Ngokubekezela kade isikhulu singavunyiswa,nolimi oluthambileyo luyaphula amathambo.
16. Uma uthole izinyosi,yidla okwanele wena,funa udinwe, ubuye uhlanze.
17. Unyawo lwakho malungavami endlini yomakhelwane wakho,funa adinwe nguwe, abuye akuzonde.