Izaga 25:2-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Kuludumo lukaNkulunkulu ukusitha into,kepha udumo lwamakhosi lungukuphenya indaba.

3. Njengezulu ngokuphakama nomhlaba ngokujula,injalo inhliziyo yomuntu ngokuphenywa.

4. Susa amanyela esiliveni,bese kuthi kuphumele umkhandi isitsha.

5. Susa omubi phambi kwenkosi,bese kuthi isihlalo sayo sobukhosi siqiniswe ngokulunga.

6. Ungaziphakamisi phambi kwenkosi,ungemi endaweni yabakhulu.

7. Ngokuba kungcono ukuba kuthiwekuwe: “Yenyuka lapha,”kunokuba wehliswe phambi kwesikhulu asesibonile amehlo akho.

8. Ungasheshi ukuphuma ukuyophikisanaukuba ungazi ukuthi uyakwenze njani ekugcineni,lapho umakhelwane wakho ekuhlazisile.

9. Mela indaba yakho nomakhelwane wakho,ungambuli imfihlakalo yomunye,

10. funa okuzwayo akuhlazise,nodumo lwakho lungabuyi.

11. Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyisolinjengama-apula* asezitsheni zesiliva.

Izaga 25