Izaga 24:23-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Nalawa angamazwi ahlakaniphileyo:Ukukhetha ubuso ekwahluleleni akukuhle.

24. Oshoyo komubi ukuthi: “Ulungile,”lowo abantu bayakumqalekisa,nezizwe ziyakumthukuthelela.

25. Kwabamthethisayo kuyakuba mnandi,kufike phezu kwabo isibusiso esihle.

26. Njengokwanga kwezindebe,injalo impendulo eqinisileyo.

27. Qeda umsebenzi wakho ngaphandle,uzilungiselele wona ensimini,wakhe ngasemuva indlu yakho.

28. Ungabi ngufakazi ngomakhelwane wakho kungekho sizathu;wothi ukhohlise ngezindebe zakho na?

29. Ungasho ukuthi: “Njengalokho ekwenzile kimi,kanjalo ngiyakwenza kuye,ngimphindisele umuntu njengesenzo sakhe.”

30. Ngadlula ensimini yomuntu oyivila,nasesivinini somuntu ongenangqondo;

31. bheka, kuso sonke kwakukhona izimbathi,sisibekelwe phezulu ngezimbabazane,nogange lwaso lwamatshe lwaludilizelwe phansi.

32. Ngabuka-ke mina, ngacabanga;ngabona, ngathola ukulaywa:

33. ubuthongo obuncane, ukozela okuncane,ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,

34. bese kuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma,nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.

Izaga 24