20. Ngokuba omubi akayikuba namvuzo,nesibani samashinga siyakucima.
21. Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi,ungahlangani nabahlubukayo.
22. Ngokuba ingozi yabo iyakuvuka masinyane;ngubani owazi ukuchithwa kweminyaka yabo na?
23. Nalawa angamazwi ahlakaniphileyo:Ukukhetha ubuso ekwahluleleni akukuhle.
24. Oshoyo komubi ukuthi: “Ulungile,”lowo abantu bayakumqalekisa,nezizwe ziyakumthukuthelela.
25. Kwabamthethisayo kuyakuba mnandi,kufike phezu kwabo isibusiso esihle.
26. Njengokwanga kwezindebe,injalo impendulo eqinisileyo.