Izaga 24:17-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Ungathokozi ngokuwa kwesitha sakho,nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso,

18. funa uJehova akubone,kube kubi emehlweni akhe,asuse intukuthelo yakhe kuso.

19. Ungazikhathazi ngabenza okubi,ungabi namhawu ngamashinga.

20. Ngokuba omubi akayikuba namvuzo,nesibani samashinga siyakucima.

21. Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi,ungahlangani nabahlubukayo.

22. Ngokuba ingozi yabo iyakuvuka masinyane;ngubani owazi ukuchithwa kweminyaka yabo na?

23. Nalawa angamazwi ahlakaniphileyo:Ukukhetha ubuso ekwahluleleni akukuhle.

24. Oshoyo komubi ukuthi: “Ulungile,”lowo abantu bayakumqalekisa,nezizwe ziyakumthukuthelela.

25. Kwabamthethisayo kuyakuba mnandi,kufike phezu kwabo isibusiso esihle.

26. Njengokwanga kwezindebe,injalo impendulo eqinisileyo.

27. Qeda umsebenzi wakho ngaphandle,uzilungiselele wona ensimini,wakhe ngasemuva indlu yakho.

28. Ungabi ngufakazi ngomakhelwane wakho kungekho sizathu;wothi ukhohlise ngezindebe zakho na?

29. Ungasho ukuthi: “Njengalokho ekwenzile kimi,kanjalo ngiyakwenza kuye,ngimphindisele umuntu njengesenzo sakhe.”

Izaga 24