Izaga 24:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ungabi namhawu ngabantu ababi,ungafisi ukuba nabo.

2. Ngokuba izinhliziyo zabo ziceba ukuchitha,nezindebe zabo zikhuluma ngengozi.

3. Indlu iyakhiwa ngokuhlakanipha,iqiniswe ngokuqonda.

4. Amakamelo agcwaliswa ngokwazi,ngayo yonke ingcebo enqabileyo nemnandi.

5. Umuntu ohlakaniphileyo udlula onamandla,nomuntu onokwazi onezikhwepha.

6. Ngokuba ngokucabanga ungaphaka impi yakho,nokusinda kumi ngobuningi babeluleki.

7. Ukuhlakanipha kuphakeme kunesiwula;esangweni asivuli umlomo waso.

8. Ocabanga ukwenza okubiuyakubizwa ngokuthi owenza amacebo.

9. Ukuceba ubuwula kuyisono,nesideleli siyisinengiso kubantu.

Izaga 24