6. Ungadli ukudla koneso elibi,ungafisi izilovela zakhe,
7. ngokuba unjengozicabangelayo;uthi kuwe: “Yidla uphuze,”kepha inhliziyo yakhe ayikho kuwe.
8. Umthamo owudlileyo uyakuwuhlanza,uchithe amazwi akho amnandi.
9. Ungakhulumi ezindlebeni zesiwula,ngokuba siyakudelela ukuhlakaniphakwamazwi akho.
10. Ungasusi isikhonkwane esidala,ungangeni emasimini ezintandane,
11. ngokuba umhlengi wazo unamandla;uyakumela indaba yazo kuwe.
12. Beka inhliziyo yakho ekulayweni,nezindlebe zakho emazwini okwazi.
13. Ungayeki ukumlaya umntwana,ngokuba uma umshaya ngoswazi akayikufa.
14. Uyakumshaya ngoswazi,wophule umphefumulo wakhe endaweni yabafileyo.
15. Ndodana yami,uma inhliziyo yakho ihlakanipha,inhliziyo yami iyakuthokoza,yebo, eyami.
16. Izinso zami ziyakujabula,lapho izindebe zakho zikhuluma okulungileyo.
17. Inhliziyo yakho mayingabi namhawu ngezoni,kepha mawube sekumesabeni uJehova usuku lonke.
18. Ngokuba impela umvuzo ukhona,nethemba lakho aliyikunqunywa.
19. Yizwa wena ndodana yami, uhlakaniphe,uhole inhliziyo yakho ngendlela.
20. Ungabi phakathi kwezinseli zewayininabayiziminzi zenyama.
21. Ngokuba inseli noyisiminzi bayakuba mpofu;ukozela kuyakwembathisa umuntu amanikiniki.
22. Lalela uyihlo owakuzalayo,ungamdeleli unyoko lapho esemdala.