Izaga 23:20-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Ungabi phakathi kwezinseli zewayininabayiziminzi zenyama.

21. Ngokuba inseli noyisiminzi bayakuba mpofu;ukozela kuyakwembathisa umuntu amanikiniki.

22. Lalela uyihlo owakuzalayo,ungamdeleli unyoko lapho esemdala.

23. Thenga iqiniso, ungathengisi ngalo,nokuhlakanipha, nokulaywa, nokuqonda.

24. Uyise wolungileyo uyakwethaba nokwethaba,nozala ohlakaniphileyo uyathokoza ngaye.

25. Mabathokoze uyihlo nonyoko,ethabe owakubelethayo.

26. Ndodana yami,ngiphe inhliziyo yakho,amehlo akho enamele izindlela zami.

27. Ngokuba isifebe singumgodi ojulileyo,nowesifazane ondindayo ungumhholo onyinyeneyo.

28. Uqamekela njengomphangi;uyandisa abambuluzayo phakathi kwabantu.

29. Ngubani othi: “Maye!”Ngubani othi: “Wo!”Ngubani oxabanayo?Ngubani okhalayo,ngubani onezilonda ngeze, na?Ngubani onamehlo aklwelayo na?

30. Yibo abalibala ngasewayinini,abaya ukunambitha iwayini elixutshanisiweyo.

31. Ungalibuki iwayini ukuthi libomvu,nokuthi liyacwebezela endebeni,ukuba lehle kalula.

Izaga 23