Izaga 22:17-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Beka indlebe yakho,uzwe amazwi ezihlakaniphi,ubeke ukufundisa kwami enhliziyweni yakho.

18. Ngokuba kumnandi, uma ukugcina phakathi kwakho,kubekwe kanyekanye ezindebeni zakho.

19. Ukuba ithemba lakho libe kuJehova,ngikwazisile khona namuhla,yebo, wena.

20. Angithi ngilobile kuwe nangaphambilingeziluleko nangokwazi,

21. ukuze ngikwazise ukuthembeka kwamazwi eqinisoukuba ubuyisele kwabakuthumileyo amazwi eqiniso, na?

22. Ungamphangi ompofu ngokuba empofu,ungamchobozi oswelayo esangweni,

23. ngokuba uJehova uyakumela indaba yabo,aphuce ababaphucayo umphefumulo wabo.

24. Ungabi ngumngane womuntu onolaka,ungahambi nomuntu onokufutheka,

25. funa ufunde izindlela zakhe,uthole ugibe lomphefumulo wakho.

26. Ungabi ngowabaxhawulanayo,nowabayizibambiso zezikwenetu;

27. uma kungekho ongakhokha ngakho,ubuyakususelwani umbhede wakho phansi kwakho na?

28. Ungasusi isikhonkwane esidalaoyihlo abasimisileyo.

29. Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na?Uyakuma phambi kwamakhosi,akayikuma phambi kwabantukazana nje.

Izaga 22