1. Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu,nomusa kunesiliva negolide.
2. Abacebileyo nabampofu bahlangene;uJehova ungumenzi wabo bonke.
3. Qqondileyo uyabona ububi, acashe,kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.
4. Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehovauyingcebo, nodumo, nokuphila.
5. Ameva nezingibe kusendleleni yabaphambeneyo,kepha ogcina umphefumulo wakhe uyakudedela kude nakho.
6. Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe;kuyakuthi lapho esekhulile,angasuki kuyo.
7. Isicebi sibusa phezu kwabampofu,nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.
8. Ohlwanyela ububi uyakuvuna usizi,nenduku yolaka lwakhe iyakuphela.
9. Oneso elimnene uyakubusiswa,ngokuba uyapha ompofu okwesinkwa sakhe.
10. Xosha isideleli,besekuphuma ukuxabana,kuphele ukuphikisana nehlazo.
11. Othanda inhlanzeko ngenhliziyononomusa emlonyeni wakhe ungumngane wenkosi.
12. Amehlo kaJehova anaka onokwazi,kepha uyachitha amazwi ombuluzayo.
13. Ivila lithi: “Kukhona ingonyama ngaphandle;ngiyakubulawa phandle esigcawini.”
14. Umlomo wowesifazane ondindayo ungumgodi ojulileyo;othukuthelelwayo nguJehova uyakuwela kuwo.