8. Indlela yothweswe icala iyinsongensonge,kepha ohlanzekileyo,isenzo sakhe silungile.
9. Kungcono ukuhlala egumbini lophahlakunokuhlala nowesifazane oxabanayo endlini ehlanganyelweyo.
10. Umphefumulo womubi ufisa okubi;umakhelwane wakhe kafumani isisa emehlweni akhe.
11. Lapho isideleli sihlawuliswa,ongenalwazi uyahlakanipha,nalapho ohlakaniphileyo efundiswa,uyathola ukwazi.
12. Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi;ababi bayachithelwa ebubini.
13. Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofunaye uyakukhala angaphendulwa.
14. Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka,nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.
15. Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ukwahlulela,kepha kwabenza ukona kuyincithakalo.
16. Umuntu oduka endleleni yokuhlakaniphauyakuphumula ebandleni lezithunzi.
17. Othanda injabulo uyakuba mpofu,nothanda iwayini namafutha kayikuceba.
18. Omubi uyihlawulo lolungileyo,nombuluzayo usesikhundleni sabaqotho.
19. Kungcono ukuhlala ezweni lasehlanekunokuhlala nowesifazane oxabanayo nothethayo.
20. Kukhona ingcebo enxanelekayonamafutha endlini yohlakaniphileyo,kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.