12. Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi;ababi bayachithelwa ebubini.
13. Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofunaye uyakukhala angaphendulwa.
14. Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka,nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.
15. Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ukwahlulela,kepha kwabenza ukona kuyincithakalo.
16. Umuntu oduka endleleni yokuhlakaniphauyakuphumula ebandleni lezithunzi.
17. Othanda injabulo uyakuba mpofu,nothanda iwayini namafutha kayikuceba.
18. Omubi uyihlawulo lolungileyo,nombuluzayo usesikhundleni sabaqotho.
19. Kungcono ukuhlala ezweni lasehlanekunokuhlala nowesifazane oxabanayo nothethayo.
20. Kukhona ingcebo enxanelekayonamafutha endlini yohlakaniphileyo,kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.
21. Olandela ukulunga nomusauyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.
22. Ohlakaniphileyo angenyukela emzini wamaqhawe,awise phansi inqaba ayethembayo wona.
23. Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakheulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.
24. Ozidlayo nozigabisayo,yisideleli igama lakhe,yena osebenza ngokuziphakamisa okukhulu.
25. Isifiso sevila siyalibulala,ngokuba izandla zalo ziyenqaba ukusebenza.
26. Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke,kepha olungileyo uyaphana engancishi.