Izaga 21:11-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Lapho isideleli sihlawuliswa,ongenalwazi uyahlakanipha,nalapho ohlakaniphileyo efundiswa,uyathola ukwazi.

12. Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi;ababi bayachithelwa ebubini.

13. Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofunaye uyakukhala angaphendulwa.

14. Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka,nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.

15. Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ukwahlulela,kepha kwabenza ukona kuyincithakalo.

16. Umuntu oduka endleleni yokuhlakaniphauyakuphumula ebandleni lezithunzi.

17. Othanda injabulo uyakuba mpofu,nothanda iwayini namafutha kayikuceba.

18. Omubi uyihlawulo lolungileyo,nombuluzayo usesikhundleni sabaqotho.

Izaga 21