1. Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi;uyayiphendulela lapho ethanda khona.
2. Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe,kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo.
3. Ukwenza ukulunga nokwahlulelakukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.
4. Ukuzidla kwamehlo nokuziqhenya kwenhliziyo,isibani sababi, kuyisono.
5. Imicabango yokhutheleyo isenzuzweni,kepha eyabo bonke abaphangisayo isekusweleni kuphela.
6. Ukuthola ingcebo ngolimi lwamangakuyize elizulazuliswa,nezingibe zokufa.
7. Ukuchitha kwababi kuyabaqothula,ngokuba benqaba ukwenza ukulunga.
8. Indlela yothweswe icala iyinsongensonge,kepha ohlanzekileyo,isenzo sakhe silungile.
9. Kungcono ukuhlala egumbini lophahlakunokuhlala nowesifazane oxabanayo endlini ehlanganyelweyo.
10. Umphefumulo womubi ufisa okubi;umakhelwane wakhe kafumani isisa emehlweni akhe.
11. Lapho isideleli sihlawuliswa,ongenalwazi uyahlakanipha,nalapho ohlakaniphileyo efundiswa,uyathola ukwazi.
12. Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi;ababi bayachithelwa ebubini.
13. Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofunaye uyakukhala angaphendulwa.
14. Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka,nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.