9. Ngubani ongasho ukuthi:“Ngihlanzile inhliziyo yami,sengihlambulukile ezonweni zami, na?”
10. Izisindo ezimbili nama-efa* amabili,kokubili kuyisinengiso kuJehova.
11. Naye umntwana uyaziwa ngezenzo zakhe,uma isenzo sakhe sihlanzekile,noma siqotho.
12. Indlebe ezwayo neso elibonayo,uJehova wenzile kokubili.
13. Ungathandi ubuthongo,funa ufikelwe ngubumpofu;vula amehlo akho,uyakusutha ngesinkwa.
14. “Kubi, kubi,” kusho umthengi;kepha esehambile uyazigabisa.
15. Kukhona igolide namarubi* amaningi,kepha ukwazi kwezindebe kuyigugu elinqabileyo.
16. Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi,umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.
17. Isinkwa samanga simnandi kumuntu,kepha ngasemuva umlomo wakhe uyakugcwaliswa ngohlalwane.
18. Amacebo onke ayaqiniswangokululekana;yilwa impi ngamasu.
19. Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo;ngalokho ungahlangani naye ovula kakhulu umlomo wakhe.