Izaga 20:7-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe,babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.

8. Inkosi ehlezi esihlalweni sokwahlulelaihlakaza konke okubi ngamehlo ayo.

9. Ngubani ongasho ukuthi:“Ngihlanzile inhliziyo yami,sengihlambulukile ezonweni zami, na?”

10. Izisindo ezimbili nama-efa* amabili,kokubili kuyisinengiso kuJehova.

11. Naye umntwana uyaziwa ngezenzo zakhe,uma isenzo sakhe sihlanzekile,noma siqotho.

12. Indlebe ezwayo neso elibonayo,uJehova wenzile kokubili.

13. Ungathandi ubuthongo,funa ufikelwe ngubumpofu;vula amehlo akho,uyakusutha ngesinkwa.

14. “Kubi, kubi,” kusho umthengi;kepha esehambile uyazigabisa.

15. Kukhona igolide namarubi* amaningi,kepha ukwazi kwezindebe kuyigugu elinqabileyo.

16. Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi,umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.

17. Isinkwa samanga simnandi kumuntu,kepha ngasemuva umlomo wakhe uyakugcwaliswa ngohlalwane.

18. Amacebo onke ayaqiniswangokululekana;yilwa impi ngamasu.

19. Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo;ngalokho ungahlangani naye ovula kakhulu umlomo wakhe.

20. Oqalekisa uyise nonina,isibani sakhe siyakucimeka esigayegayeni.

21. Imfuyo ingatholwa ngokushesha ekuqaleni,kepha ukuphela kwayo akuyikubusiswa.

22. Ungasho ukuthi:“Ngiyakuphindisela okubi,”yethemba kuJehova, uyakukusindisa.

Izaga 20