14. “Kubi, kubi,” kusho umthengi;kepha esehambile uyazigabisa.
15. Kukhona igolide namarubi* amaningi,kepha ukwazi kwezindebe kuyigugu elinqabileyo.
16. Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi,umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.
17. Isinkwa samanga simnandi kumuntu,kepha ngasemuva umlomo wakhe uyakugcwaliswa ngohlalwane.
18. Amacebo onke ayaqiniswangokululekana;yilwa impi ngamasu.
19. Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo;ngalokho ungahlangani naye ovula kakhulu umlomo wakhe.
20. Oqalekisa uyise nonina,isibani sakhe siyakucimeka esigayegayeni.
21. Imfuyo ingatholwa ngokushesha ekuqaleni,kepha ukuphela kwayo akuyikubusiswa.
22. Ungasho ukuthi:“Ngiyakuphindisela okubi,”yethemba kuJehova, uyakukusindisa.