Izaga 20:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Iwayini liyisideleli,uphuzo olunamandla lungumxokozeli;bonke abaduka ngalo abahlakaniphile.

2. Ingebhe ngenkosi injengokubhonga kwengonyama;oyithukuthelisayo wona umphefumulo wakhe.

3. Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana,kepha zonke iziwula ziyaphikisana.

4. Ngenxa yobusika ivila aliyikulima;ngalokho uyakuthekela ngesikhathi sokuvuna, kungekho lutho.

5. Isiluleko enhliziyweni yomuntu sinjengamanzi ajulileyo,kepha umuntu oqondileyo uyakusikhipha.

6. Abantu abaningi bayamemezela,kube yilowo nalowo umusa wakhe,kepha ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?

7. Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe,babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.

Izaga 20