Izaga 20:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Iwayini liyisideleli,uphuzo olunamandla lungumxokozeli;bonke abaduka ngalo abahlakaniphile.

2. Ingebhe ngenkosi injengokubhonga kwengonyama;oyithukuthelisayo wona umphefumulo wakhe.

3. Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana,kepha zonke iziwula ziyaphikisana.

4. Ngenxa yobusika ivila aliyikulima;ngalokho uyakuthekela ngesikhathi sokuvuna, kungekho lutho.

Izaga 20