Izaga 2:9-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela,neqiniso,yebo, nezindlela zonke ezinhle.

10. Ngokuba ukuhlakaniphakuyakungena enhliziyweni yakho,ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho.

11. Amasu ayakukulinda,ukuqonda kukugcine,

12. ukuze wophulwe endleleni yobubinakubantu abakhuluma okuphambeneyo,

13. abashiya imikhondo yobuqotho,ukuze bahambe ngezindlela zobumnyama;

14. abathokoza ngokwenza okubi,bajabulele ukuphambana kobubi;

15. abazindlela zabo ziyisigwegwe,nemikhondo yabo iphambene,

16. ukuba wophulwe kowesifazane ondindayonakuye owezizwe onamazwi athophayo,

17. oshiya umngane wobusha bakhe,akhohlwe isivumelwano sikaNkulunkulu wakhe,

18. ngokuba indlu yakhe ishonela ekufeni,nasezithunzini izindlela zakhe.

19. Bonke abangena kuye ababuyi,bangafinyeleli ezindleleni zokuphila.

20. Kanjalo uyakuhamba ezindleleni zabahle,ugcine imikhondo yabalungileyo.

21. Ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni,abapheleleyo basale kulo.

22. Kepha ababi bayakunqunywa ezweni,nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.

Izaga 2