4. uma ukufuna njengesiliva,ukuphenya njengamagugu afihliweyo,
5. khona uyakuqonda ukumesaba uJehova,ufumane ukumazi uNkulunkulu.
6. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha;emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.
7. Uyabekela abaqotho isibusiso,uyihawu kwabahamba bengenacala,
8. egcina izindlela zokulunga,elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.
9. Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela,neqiniso,yebo, nezindlela zonke ezinhle.