3. yebo, uma ukhala ngengqondo,uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda,
4. uma ukufuna njengesiliva,ukuphenya njengamagugu afihliweyo,
5. khona uyakuqonda ukumesaba uJehova,ufumane ukumazi uNkulunkulu.
6. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha;emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.
7. Uyabekela abaqotho isibusiso,uyihawu kwabahamba bengenacala,
8. egcina izindlela zokulunga,elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.
9. Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela,neqiniso,yebo, nezindlela zonke ezinhle.
10. Ngokuba ukuhlakaniphakuyakungena enhliziyweni yakho,ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho.
11. Amasu ayakukulinda,ukuqonda kukugcine,
12. ukuze wophulwe endleleni yobubinakubantu abakhuluma okuphambeneyo,
13. abashiya imikhondo yobuqotho,ukuze bahambe ngezindlela zobumnyama;