Izaga 19:5-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ufakazi wamanga akayekwa,nophafuza amanga akayikusinda.

6. Baningi abancenga izikhulu;bonke bangabangane bomuntu wezipho.

7. Bonke abazalwane bompofu bayamzonda;kakhulu kangakanani abangane badedela kude naye;uyabaxosha ngamazwi,kepha awasekho.

8. Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe;ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.

9. Ufakazi wamanga akayekwa,nophafuza amanga uyakubhubha.

10. Ukutamasa akufanele isiwula;kakhulu kangakanani akufanele ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu.

11. Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe;kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.

12. Ukufutheka kwenkosikunjengokubhonga kwengonyama,kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.

13. Indodana eyisiwula iyinhlupheko kayise,nokuxabana komfazi kungukuconsa njalonjalo.

14. Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise,kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova.

15. Ubuvila bushonisa ebuthongweni obunzima,nesidenge siyalamba.

Izaga 19