4. Imfuyo iyenezela abangane abaningi,kepha ompofu uyashiywa ngumngane wakhe.
5. Ufakazi wamanga akayekwa,nophafuza amanga akayikusinda.
6. Baningi abancenga izikhulu;bonke bangabangane bomuntu wezipho.
7. Bonke abazalwane bompofu bayamzonda;kakhulu kangakanani abangane badedela kude naye;uyabaxosha ngamazwi,kepha awasekho.
8. Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe;ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.
9. Ufakazi wamanga akayekwa,nophafuza amanga uyakubhubha.
10. Ukutamasa akufanele isiwula;kakhulu kangakanani akufanele ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu.
11. Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe;kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.
12. Ukufutheka kwenkosikunjengokubhonga kwengonyama,kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.
13. Indodana eyisiwula iyinhlupheko kayise,nokuxabana komfazi kungukuconsa njalonjalo.
14. Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise,kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova.
15. Ubuvila bushonisa ebuthongweni obunzima,nesidenge siyalamba.
16. Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe,kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.
17. Onomusa kompofu utsheleka uJehova,nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.
18. Yilaye indodana yakho,lisekhona ithemba;ungabhekisi inhliziyo yakho ukuyibulala.
19. Onolaka olukhulu uyathweswa ihlawulo,ngokuba uma umophula,umelwe ukukuphinda.
20. Yizwa isiluleko, wamukele ukulaywa,ukuze uhlakaniphe ekugcineni.
21. Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu,kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.
22. Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe;ompofu ungcono kunomuntu wamanga.
23. Ukumesaba uJehova kungokokuphila;onakho uhlezi anelisiwe,akahanjelwa ngububi.
24. Ivila liyafaka isandla salo esitsheni;alisibuyiseli nasemlonyeni walo.