Izaga 19:20-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Yizwa isiluleko, wamukele ukulaywa,ukuze uhlakaniphe ekugcineni.

21. Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu,kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.

22. Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe;ompofu ungcono kunomuntu wamanga.

23. Ukumesaba uJehova kungokokuphila;onakho uhlezi anelisiwe,akahanjelwa ngububi.

24. Ivila liyafaka isandla salo esitsheni;alisibuyiseli nasemlonyeni walo.

25. Shaya isideleli, ongenalwazi uyakuthola ukuqonda;sola oqondileyo, uyakuqonda ukwazi.

26. Ochitha uyise noxosha uninauyindodana ehlazisayo nebanga amahloni.

27. Yeka, ndodana yami,ukulalela ukulaywa,uyakuduka emazwini okwazi.

28. Ufakazi omubi uyadelela ukwahlulela;umlomo wababi uyagwinya ukona.

29. Izahlulelo zilungiselwa izideleli,nemivimbo umhlane weziwula.

Izaga 19