17. Onomusa kompofu utsheleka uJehova,nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.
18. Yilaye indodana yakho,lisekhona ithemba;ungabhekisi inhliziyo yakho ukuyibulala.
19. Onolaka olukhulu uyathweswa ihlawulo,ngokuba uma umophula,umelwe ukukuphinda.
20. Yizwa isiluleko, wamukele ukulaywa,ukuze uhlakaniphe ekugcineni.
21. Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu,kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.
22. Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe;ompofu ungcono kunomuntu wamanga.
23. Ukumesaba uJehova kungokokuphila;onakho uhlezi anelisiwe,akahanjelwa ngububi.
24. Ivila liyafaka isandla salo esitsheni;alisibuyiseli nasemlonyeni walo.
25. Shaya isideleli, ongenalwazi uyakuthola ukuqonda;sola oqondileyo, uyakuqonda ukwazi.
26. Ochitha uyise noxosha uninauyindodana ehlazisayo nebanga amahloni.
27. Yeka, ndodana yami,ukulalela ukulaywa,uyakuduka emazwini okwazi.
28. Ufakazi omubi uyadelela ukwahlulela;umlomo wababi uyagwinya ukona.
29. Izahlulelo zilungiselwa izideleli,nemivimbo umhlane weziwula.