Izaga 19:10-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Ukutamasa akufanele isiwula;kakhulu kangakanani akufanele ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu.

11. Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe;kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.

12. Ukufutheka kwenkosikunjengokubhonga kwengonyama,kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.

13. Indodana eyisiwula iyinhlupheko kayise,nokuxabana komfazi kungukuconsa njalonjalo.

14. Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise,kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova.

15. Ubuvila bushonisa ebuthongweni obunzima,nesidenge siyalamba.

16. Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe,kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.

17. Onomusa kompofu utsheleka uJehova,nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.

18. Yilaye indodana yakho,lisekhona ithemba;ungabhekisi inhliziyo yakho ukuyibulala.

19. Onolaka olukhulu uyathweswa ihlawulo,ngokuba uma umophula,umelwe ukukuphinda.

20. Yizwa isiluleko, wamukele ukulaywa,ukuze uhlakaniphe ekugcineni.

21. Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu,kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.

22. Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe;ompofu ungcono kunomuntu wamanga.

23. Ukumesaba uJehova kungokokuphila;onakho uhlezi anelisiwe,akahanjelwa ngububi.

24. Ivila liyafaka isandla salo esitsheni;alisibuyiseli nasemlonyeni walo.

Izaga 19