Izaga 19:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhekunophambene ngezindebe zakhe eyisiwula.

2. Futhi akulungile ukuba umphefumulo ungabi nakwazi;oshesha ngezinyawo uyaduka.

3. Ubuwula bomuntu buchitha indlela yakhe,kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uJehova.

4. Imfuyo iyenezela abangane abaningi,kepha ompofu uyashiywa ngumngane wakhe.

5. Ufakazi wamanga akayekwa,nophafuza amanga akayikusinda.

6. Baningi abancenga izikhulu;bonke bangabangane bomuntu wezipho.

7. Bonke abazalwane bompofu bayamzonda;kakhulu kangakanani abangane badedela kude naye;uyabaxosha ngamazwi,kepha awasekho.

8. Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe;ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.

9. Ufakazi wamanga akayekwa,nophafuza amanga uyakubhubha.

10. Ukutamasa akufanele isiwula;kakhulu kangakanani akufanele ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu.

11. Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe;kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.

12. Ukufutheka kwenkosikunjengokubhonga kwengonyama,kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.

13. Indodana eyisiwula iyinhlupheko kayise,nokuxabana komfazi kungukuconsa njalonjalo.

Izaga 19