7. Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso,nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.
8. Amazwi omncethezi anjengezibiliboco;ayehlela kokuphakathi komuntu.
9. Ovilapha emsebenzini wakheyena ungumfowabo wochithayo.
10. Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla;olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.
11. Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla;injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.
12. Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya;ukuthobeka kwandulela udumo.
13. Obuyisa izwi engakezwa,kungubuwula nehlazo kuye.
14. Umoya womuntu uyasekela ubuthakathaka bakhe,kepha ngubani ongathwala umoya owaphukileyo na?
15. Inhliziyo yoqondileyo iyazuza ukwazi,nezindlebe zabalungileyo ziyafuna ukwazi.
16. Isipho somuntu siyamenzela indawo,simholele kwabakhulu.
17. Ongowokuqala ecaleni lakhe usengathi ulungile,kepha umakhelwane wakhe ufika, amphenye.