6. Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana,nomlomo waso ubiza imivimbo.
7. Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso,nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.
8. Amazwi omncethezi anjengezibiliboco;ayehlela kokuphakathi komuntu.
9. Ovilapha emsebenzini wakheyena ungumfowabo wochithayo.
10. Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla;olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.
11. Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla;injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.
12. Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya;ukuthobeka kwandulela udumo.
13. Obuyisa izwi engakezwa,kungubuwula nehlazo kuye.
14. Umoya womuntu uyasekela ubuthakathaka bakhe,kepha ngubani ongathwala umoya owaphukileyo na?