Izaga 18:6-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana,nomlomo waso ubiza imivimbo.

7. Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso,nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.

8. Amazwi omncethezi anjengezibiliboco;ayehlela kokuphakathi komuntu.

9. Ovilapha emsebenzini wakheyena ungumfowabo wochithayo.

10. Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla;olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.

11. Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla;injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.

12. Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya;ukuthobeka kwandulela udumo.

13. Obuyisa izwi engakezwa,kungubuwula nehlazo kuye.

14. Umoya womuntu uyasekela ubuthakathaka bakhe,kepha ngubani ongathwala umoya owaphukileyo na?

Izaga 18