Izaga 18:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso,uphika konke ukuhlakanipha.

2. Isiwula asithokozi ngokuqonda,kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yakhe.

3. Lapho kufika omubi,kufika nokudelela;kanye nehlazo kukhona inhlamba.

4. Amazwi omlomo womuntu anjengamanzi ajulileyo,nomfula ogobhozayo,nomthombo wokuhlakanipha.

5. Ukukhetha ubuso bomubiukuba olungileyo aphambukiswe ekwahlulelweni akukuhle.

6. Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana,nomlomo waso ubiza imivimbo.

7. Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso,nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.

8. Amazwi omncethezi anjengezibiliboco;ayehlela kokuphakathi komuntu.

9. Ovilapha emsebenzini wakheyena ungumfowabo wochithayo.

10. Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla;olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.

11. Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla;injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.

Izaga 18