Izaga 17:5-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Oklolodela ompofu usola uMenzi wakhe,nothokoza ngengozi akayikuyekwa.

6. Abantwana babantwana bangumqhele wabadala,nodumo lwabantwana lungoyise.

7. Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula;kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu.

8. Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo:noma ebhekaphi, uyaphumelela.

9. Osibekela isiphambeko ufuna uthando,kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.

10. Insolo ingena koqondileyokunemivimbo eyikhulu koyisiwula.

11. Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela;ngalokho kuyakuthunyelwa kuye isithunywa esinonya.

12. Umuntu makahlangane nebhere* elaphuciwe amawundlu alokunesiwula ebuwuleni baso.

13. Ophindisela okuhle ngokubi,ububi abuyikusuka endlini yakhe.

14. Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi;ngalokho yeka inkani, ingakashisi.

15. Othetha omubi nolahla olungileyobayisinengiso kuJehova bobabili.

16. Yini ukuba kube yimali esandlenisesiwula ukuthenga ukuhlakanipha,kungekho ukuqonda, na?

17. Umngane uthanda ngezikhathi zonke,nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.

Izaga 17