24. Ukuhlakanipha kuphambi koqondileyo,kepha amehlo esiwula asemikhawulweni yomhlaba.
25. Indodana eyisiwula ilusizi kuyisenokubaba kowayizalayo.
26. Ukuhlawulisa olungileyo akukuhle,nokushaya abaqotho akulungile.
27. Obamba amazwi akhe unokwazi;onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo.
28. Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi;ovala umlomo wakhe ungoqondileyo.