Izaga 17:2-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Inceku eqondileyo iyabusa phezu kwendodana ehlazisayo;iyakudla ifa phakathi kwezelamani.

3. Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva,nesithando ngesegolide,kepha ovivinya izinhliziyo nguJehova.

4. Owenza okubi uqaphela izindebe zokona,nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.

5. Oklolodela ompofu usola uMenzi wakhe,nothokoza ngengozi akayikuyekwa.

6. Abantwana babantwana bangumqhele wabadala,nodumo lwabantwana lungoyise.

7. Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula;kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu.

8. Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo:noma ebhekaphi, uyaphumelela.

9. Osibekela isiphambeko ufuna uthando,kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.

10. Insolo ingena koqondileyokunemivimbo eyikhulu koyisiwula.

11. Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela;ngalokho kuyakuthunyelwa kuye isithunywa esinonya.

12. Umuntu makahlangane nebhere* elaphuciwe amawundlu alokunesiwula ebuwuleni baso.

13. Ophindisela okuhle ngokubi,ububi abuyikusuka endlini yakhe.

14. Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi;ngalokho yeka inkani, ingakashisi.

15. Othetha omubi nolahla olungileyobayisinengiso kuJehova bobabili.

Izaga 17