8. Okuncane kanye nokulunga kungconokunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.
9. Inhliziyo yomuntu iceba indlela,kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.
10. Izimpendulo zikaNkulunkulu zisezindebeni zenkosi;umlomo wayo awuyikuphambuka ekwahluleleni.
11. Ukulinganisa nesilinganiso esilungileyo kungokukaJehova;zonke izisindo zasesikhwameni zingumsebenzi wakhe.
12. Ukwenza okubi kuyisinengiso emakhosini,ngokuba isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.
13. Izindebe ezilungileyo ziyintokozo yamakhosi;amazwi abaqotho ayawathanda.
14. Intukuthelo yenkosi injengezithunywa zokufa,kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.
15. Ekukhanyeni kobuso benkosi kukhona ukuphila,nesisa sayo sinjengefu lemvula yamuva.
16. Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide;yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.
17. Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini;oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.
18. Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa,nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.
19. Kungcono ukuba nomoyaothobekileyo kanye nabathobekileyo,kunokwabelana impango nabazidlayo.
20. Onakekela izwi uyakufumana okuhle,nowethembayo kuJehova ubusisiwe.
21. Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi oqondileyo,nobumnandi bezindebe buyandisa imfundiso.
22. Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho,kepha ubuwula bungukulaywa kweziwula.