Izaga 16:7-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova,uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.

8. Okuncane kanye nokulunga kungconokunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.

9. Inhliziyo yomuntu iceba indlela,kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.

10. Izimpendulo zikaNkulunkulu zisezindebeni zenkosi;umlomo wayo awuyikuphambuka ekwahluleleni.

11. Ukulinganisa nesilinganiso esilungileyo kungokukaJehova;zonke izisindo zasesikhwameni zingumsebenzi wakhe.

12. Ukwenza okubi kuyisinengiso emakhosini,ngokuba isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.

13. Izindebe ezilungileyo ziyintokozo yamakhosi;amazwi abaqotho ayawathanda.

14. Intukuthelo yenkosi injengezithunywa zokufa,kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.

15. Ekukhanyeni kobuso benkosi kukhona ukuphila,nesisa sayo sinjengefu lemvula yamuva.

Izaga 16