Izaga 16:14-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Intukuthelo yenkosi injengezithunywa zokufa,kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.

15. Ekukhanyeni kobuso benkosi kukhona ukuphila,nesisa sayo sinjengefu lemvula yamuva.

16. Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide;yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.

17. Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini;oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.

18. Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa,nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.

19. Kungcono ukuba nomoyaothobekileyo kanye nabathobekileyo,kunokwabelana impango nabazidlayo.

20. Onakekela izwi uyakufumana okuhle,nowethembayo kuJehova ubusisiwe.

21. Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi oqondileyo,nobumnandi bezindebe buyandisa imfundiso.

22. Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho,kepha ubuwula bungukulaywa kweziwula.

23. Inhliziyo yohlakaniphileyo iyafundisa umlomo wakhe,yenezele imfundiso ezindebeni zakhe.

24. Amazwi amahle anjengamakhekheba oju;amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.

25. Kukhona indlela eqondile phambi komuntu,kepha ukuphela kwayo kuyizindlela zokufa.

26. Iphango lesisebenzi liyasisebenzela,ngokuba umlomo waso uyasiqhuba.

27. Umuntu omubi uphanda okubi,nasezindebeni zakhe kunjengomlilo ohlangulayo.

28. Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana,nomncethezi wahlukanisa abahlobo.

29. Umuntu oyisidlwangudlwangu uyenga umakhelwane wakhe,amhambise endleleni engenhle.

30. Ocimeza amehlo akhe uceba okuphambanisayo,noluma izindebe zakhe ufeza okubi.

31. Ubumpunga bungumqhele wodumo;bufumaniswa endleleni yokulunga.

32. Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe,nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.

33. Inkatho yenzelwa emathangeni,kepha ukwahlulela kwayo kungokukaJehova.

Izaga 16