Izaga 16:13-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Izindebe ezilungileyo ziyintokozo yamakhosi;amazwi abaqotho ayawathanda.

14. Intukuthelo yenkosi injengezithunywa zokufa,kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.

15. Ekukhanyeni kobuso benkosi kukhona ukuphila,nesisa sayo sinjengefu lemvula yamuva.

16. Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide;yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.

17. Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini;oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.

18. Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa,nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.

19. Kungcono ukuba nomoyaothobekileyo kanye nabathobekileyo,kunokwabelana impango nabazidlayo.

20. Onakekela izwi uyakufumana okuhle,nowethembayo kuJehova ubusisiwe.

21. Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi oqondileyo,nobumnandi bezindebe buyandisa imfundiso.

22. Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho,kepha ubuwula bungukulaywa kweziwula.

23. Inhliziyo yohlakaniphileyo iyafundisa umlomo wakhe,yenezele imfundiso ezindebeni zakhe.

24. Amazwi amahle anjengamakhekheba oju;amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.

Izaga 16