11. Ukulinganisa nesilinganiso esilungileyo kungokukaJehova;zonke izisindo zasesikhwameni zingumsebenzi wakhe.
12. Ukwenza okubi kuyisinengiso emakhosini,ngokuba isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.
13. Izindebe ezilungileyo ziyintokozo yamakhosi;amazwi abaqotho ayawathanda.
14. Intukuthelo yenkosi injengezithunywa zokufa,kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.
15. Ekukhanyeni kobuso benkosi kukhona ukuphila,nesisa sayo sinjengefu lemvula yamuva.
16. Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide;yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.
17. Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini;oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.
18. Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa,nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.
19. Kungcono ukuba nomoyaothobekileyo kanye nabathobekileyo,kunokwabelana impango nabazidlayo.
20. Onakekela izwi uyakufumana okuhle,nowethembayo kuJehova ubusisiwe.