Izaga 16:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Umuntu unamasu enhliziyweni,kepha impendulo yolimi ivela kuJehova.

2. Zonke izindlela zomuntu zimhlophe emehlweni akhe,kepha uJehova uyalinganisa imimoya.

3. Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,ukuze kuqiniswe amasu akho.

4. UJehova wenzile konke kube nomgomo wakho;yebo, nomubi umenzele usuku olubi.

5. Bonke abazidlayo ngenhliziyo bayisinengiso kuJehova;impela abayikuyekwa.

6. Ngomusa neqiniso ukona kuyahlangulwa,nangokumesaba uJehova kudedwa ebubini.

7. Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova,uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.

8. Okuncane kanye nokulunga kungconokunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.

9. Inhliziyo yomuntu iceba indlela,kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.

10. Izimpendulo zikaNkulunkulu zisezindebeni zenkosi;umlomo wayo awuyikuphambuka ekwahluleleni.

11. Ukulinganisa nesilinganiso esilungileyo kungokukaJehova;zonke izisindo zasesikhwameni zingumsebenzi wakhe.

Izaga 16