8. Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova,kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.
9. Indlela yababi iyisinengiso kuJehova,kepha uyamthanda olandela ukulunga.
10. Ukulaywa kukhulu koyishiya indlela;ozonda ukusolwa uyakufa.
11. Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaJehova;kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu.
12. Isideleli asithandi ukusolwa;asiyi kwabahlakaniphileyo.
13. Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle,kepha ngosizi lwenhliziyo uyachotshozwa umoya.
14. Inhliziyo yoqondileyo iyafuna ukwazi,kepha umlomo weziwula uyadla ubuwula.
15. Zonke izinsuku zohluphekayo zimbi,kepha onhliziyo yakhe yenamile unedili njalo.
16. Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungconokunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.
17. Isidlo semifino lapho kukhona uthando singconokunenkabi ekhuluphalisiweyo kanye nenzondo.
18. Umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana,kepha owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano.
19. Indlela yevila injengothango lobobe,kepha umkhondo wabakhutheleyo ungumendo.
20. Indodana ehlakaniphileyo iyajabulisa uyise,kepha umuntu oyisiwula uyadelela unina.
21. Ubuwula buyintokozo kongenangqondo,kepha umuntu oqondileyo uyaqondisa ukuhamba kwakhe.
22. Lapho kungekho khona ukululekana,amasu ayachitheka,kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.