Izaga 15:31-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. Indlebe elalela ukusola kokuphilaiyakuhlala phakathi kwabahlakaniphileyo.

32. Onqaba ukulaywa udelela umphefumulo wakhe,kepha olalela ukusolwa uzuza ingqondo.

33. Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha;ukuthobeka kuyandulela udumo.

Izaga 15