Izaga 15:3-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Amehlo kaJehova asezindaweni zonke;aqaphela ababi nabahle.

4. Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila,kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya.

5. Isiwula siyadelela ukulaya kukayise,kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.

6. Endlini yolungileyo kukhona ingcebo eningi,kepha enzuzweni yababi kukhona ukuhlupheka.

7. Izindebe zabahlakaniphileyo ziyasakaza ukwazi,kepha izinhliziyo zeziwula azinjalo.

8. Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova,kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.

9. Indlela yababi iyisinengiso kuJehova,kepha uyamthanda olandela ukulunga.

10. Ukulaywa kukhulu koyishiya indlela;ozonda ukusolwa uyakufa.

11. Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaJehova;kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu.

12. Isideleli asithandi ukusolwa;asiyi kwabahlakaniphileyo.

13. Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle,kepha ngosizi lwenhliziyo uyachotshozwa umoya.

14. Inhliziyo yoqondileyo iyafuna ukwazi,kepha umlomo weziwula uyadla ubuwula.

15. Zonke izinsuku zohluphekayo zimbi,kepha onhliziyo yakhe yenamile unedili njalo.

16. Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungconokunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.

17. Isidlo semifino lapho kukhona uthando singconokunenkabi ekhuluphalisiweyo kanye nenzondo.

18. Umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana,kepha owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano.

19. Indlela yevila injengothango lobobe,kepha umkhondo wabakhutheleyo ungumendo.

Izaga 15