18. Umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana,kepha owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano.
19. Indlela yevila injengothango lobobe,kepha umkhondo wabakhutheleyo ungumendo.
20. Indodana ehlakaniphileyo iyajabulisa uyise,kepha umuntu oyisiwula uyadelela unina.
21. Ubuwula buyintokozo kongenangqondo,kepha umuntu oqondileyo uyaqondisa ukuhamba kwakhe.
22. Lapho kungekho khona ukululekana,amasu ayachitheka,kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.
23. Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe,nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!
24. Kohlakaniphileyo indlela yokuphila iya phezuluukuba adede endaweni yabafileyo phansi.
25. Indlu yabaziqhenyayo uJehova uyayisiphula,kepha uyamisa umkhawulo womfelokazi.
26. Amacebo amabi ayisinengiso kuJehova,kepha amazwi acwebileyo ayamenamisa.
27. Ohahela inzuzo uhlupha indlu yakhe,kepha ozonda imivuzo uyakuphila.
28. Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula,kepha imilomo yababi iyaphafuza izinto ezimbi.
29. UJehova ukude nababi,kepha uyezwa imikhuleko yabalungileyo.