Izaga 15:16-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungconokunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.

17. Isidlo semifino lapho kukhona uthando singconokunenkabi ekhuluphalisiweyo kanye nenzondo.

18. Umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana,kepha owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano.

19. Indlela yevila injengothango lobobe,kepha umkhondo wabakhutheleyo ungumendo.

20. Indodana ehlakaniphileyo iyajabulisa uyise,kepha umuntu oyisiwula uyadelela unina.

21. Ubuwula buyintokozo kongenangqondo,kepha umuntu oqondileyo uyaqondisa ukuhamba kwakhe.

22. Lapho kungekho khona ukululekana,amasu ayachitheka,kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.

23. Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe,nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!

24. Kohlakaniphileyo indlela yokuphila iya phezuluukuba adede endaweni yabafileyo phansi.

Izaga 15