1. Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka,kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.
2. Ulimi lwabahlakaniphileyo luveza kahle ukwazi,kepha umlomo weziwula uphafuza ubuwula.
3. Amehlo kaJehova asezindaweni zonke;aqaphela ababi nabahle.
4. Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila,kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya.
5. Isiwula siyadelela ukulaya kukayise,kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.
6. Endlini yolungileyo kukhona ingcebo eningi,kepha enzuzweni yababi kukhona ukuhlupheka.
7. Izindebe zabahlakaniphileyo ziyasakaza ukwazi,kepha izinhliziyo zeziwula azinjalo.
8. Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova,kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.
9. Indlela yababi iyisinengiso kuJehova,kepha uyamthanda olandela ukulunga.
10. Ukulaywa kukhulu koyishiya indlela;ozonda ukusolwa uyakufa.
11. Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaJehova;kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu.
12. Isideleli asithandi ukusolwa;asiyi kwabahlakaniphileyo.