Izaga 14:22-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Angithi bayaduka abaceba okubi na?Umusa neqiniso kuyakuba ngokwabaqamba okuhle.

23. Wonke umshikashika unenzuzo,kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela.

24. Umqhele wabahlakaniphileyo uyingcebo yabo,umgexo weziwula ungubuwula.

25. Ufakazi oqinisileyo uyophula imiphefumulo,kepha ophafuza amanga unenkohliso.

26. Ekumesabeni uJehova kukhona ithemba elinamandla;abantwana bakhe bayakuba nesiphephelo.

27. Ukumesaba uJehova kungumthombo wokuphila,ukuze kudedwe ezingibeni zokufa.

28. Udumo lwenkosi lungobuningi babantu,kepha ukuswela abantu kungukuchithwa kwesikhulu.

29. Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi,kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.

30. Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama,kepha umhawu ungukubola kwamathambo.

31. Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe,kepha onomusa koswelayo uyamdumisa.

32. Omubi uwiswa phansi ngobubi bakhe,kepha olungileyo unethemba ekufeni kwakhe.

33. Ukuhlakanipha kuhlezi enhliziyweni yonokuqonda,kepha phakathi kweziwula akwaziwa.

Izaga 14