2. Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova,kepha ophambanisa izindlela zakhe uyamdelela.
3. Emlonyeni wesiwula kukhona induku yokuziqhenya kwaso,kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.
4. Lapho kungekho khona izinkomo,umkhombe awunalutho,kepha inzuzo inkulu ngamandla ezinkabi.
5. Ufakazi oqinisileyo akaqambi amanga,kepha ufakazi ongaqinisile uyaphafuza amanga.
6. Isideleli siyafuna ukuhlakanipha singakutholi,kepha ukwazi kulula koqondayo.
7. Suka phambi komuntu oyisiwula,ngokuba lapho awuboni izindebe zokwazi.
8. Ukuhlakanipha koqondileyo kungukuqonda indlela yakhe,kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.
9. Iziwula ziyadelela umnikelo wecala,kepha phakathi kwabaqotho wamukelekile.
10. Inhliziyo iyazi ubumunyu bayo;umfokazi akahlanganyeli intokozo yayo.
11. Indlu yababi iyachithwa,kepha itende labaqotho liyahluma.
12. Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu,kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.