Izaga 14:17-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Isififane siyenza ubuwula,kepha umuntu wamasu unokuthula.

18. Abangenalwazi badla ifa lobuwula,kepha abaqondileyo baqheliswa ngokwazi.

19. Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo,namashinga ngasemasangweni abalungileyo.

20. Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe,kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.

21. Odelela umakhelwane wakhe uyona,kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.

Izaga 14